Jump to content

Isidlakathi

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Isidlakathi)
Ikhasi oyisa kulona

Redirect to:

Isidlakathi

[hlela | Hlela umthombo]

Kumchazandalo, isidlakathi singamandla angaphakathi kwento ngenxa yesikhundla sayo ngokucakathene nezinye izinto, ngenxa yezingcindezi ngaphakathi kwayo, ngenxa yomlelesa wamazuba akuyo, noma ezinye izici. Igama elithi isidlakathi liyibizo lesizulu elisho amandla noma isiphoqi.

Izinhlobo ezivamile zezidlakathi zihlanganisa isidlakathi somnyondo sento, isidlakathi sokunwebeka kwesikhwentu esibhuthazile, kanye nesidlakathi somlelesa wamazuba kumzuba. Umuvo oluphawu lwesidlakalasi ngokwe- International System of Units (SI) ungumJulu (uphawu J).

Isidlakathi siyamaniswa neziphoqi ezisebenza emzimbeni ngendlela yokuthi umsebenzi ophelele owenziwa yilezi ziphoqi emzimbeni uncike kuphela endaweni yokuqala neyokugcina yomzimba emkhathini. Lezi ziphoqi, umsebenzi wazo ophelele kungozimele, zibizwa ngokuthi iziphoqi ezilondolozayo . Uma isiphoqi esisebenza emzimbeni sihluka esikhaleni, khona-ke umuntu unobuphoqi ; ubuphoqi obunjalo buchazwa ama-vector kuyo yonke indawo esikhaleni, yona ebizwa ngokuthi inkundla ye-vector .